BAKHUTHAZWE NGOKUZIGQAJA NGABAYIKHO ABAFUNDI ABAPHILA NOKUKHUBAZEKA

USGWILI kanye nabafundi abanebala elimhlophe.

LAPHA kungesikhathi uSgwili kanye nabalingani bakhe benikelela abafundi ngomabonakude.
NOMCEBO NGEMA
IBUYISE ithemba nokuzigqaja inkulumo yomculi wokholo uSgwili Zuma ebeyibhekise kubafundi base- Arthur Blaxal School abaphila nokukhubazeka okubalwa ukuphazamiseka ngokomqondo, ukungaboni emehlweni kanye nabaphila nebala elimhlophe.
USgwili ubekhuluma nalabafundi njengoba bebenzelwe indumezulu kakhisimuzi wokubavalelisa njengoba sebeya emakhaya, lokhu ukwenze ngokubambisana nenhlangano yakhe engezi nzuzo i-Albinism Arise Foundation, iGraceGate Media And Art, u-Umusa Events kanye noSibiya Funerals.
Uthi ubunzima ababhekana nabo manje naye wabhekana nabo, amagama ababizwa ngawo naye wabizwa ngalawo magama alumelayo.
“Into enganqoba ngayo njengoba namhlanje ngilomuntu enguyena ukuthi ngazitshela ukuthi kunezimpi engizozilwa futhi kunezinye okumele ngizibuke ngingazilwi. Ngazalelwa ukunikhuthaza, ngininike ithemba ukuze nani nikwazi ukumelana nobunzima enibhekana nabo, nina niyingxenye yami, nami ngiyingxenye yenu. Ukungena kwami emculweni akubanga lula, kuneminyango eminingi eyayivaleka phambi kwami ngenxa yebala baphinde bangibukele phansi ngokuthi ayikho into enhle engaphuma kimina,” kusho uSgwili
