Uncategorised

KUBUNGAZWE USOLWAZI DBZ NTULI ESAPHILA

NguSolwazi DBZ Ntuli obungazwe ngomcimbi omkhulu ngeqhaza lakhe ekuthuthukiseni ulimi lwesizulu.

STHEMBISO PRO NDLOVU


UMnyango Wezemidlalo Namaciko Namasiko KwaZulu-Natal ubungaze uSolwazi DBZ Ntuli esaphila ngomcimbi omkhulu owenzelwe eHoward College namuhla.
Lomcimbi obewuhanjelwe UNgqongqoshe uMuntomuhle Khawula kanye noSolwazi abaningi okubalwa kubo noSolwazi LF Mathenjwa kanye noSolwazi OEHM Nxumalo bekuhloswe ngawo ukubungaza imisebenzi kaNtuli kanye nokwethulwa kweDBZ Ntuli Foundation okuyiskhwama esizolekelela ukugcina umlando wakwazulu nokuzokwenziwa ngokuthi kwakhiwe isigcinamlando eNyuvesi yaKwaZulu eyaziwa ngokuthi UNgoye. Lesigcigcinamlando sizogcina yonke imibhalo eyigugu yakwazulu kanye nezincwadi zomlando wakwaZulu.

UNgqongqoshe uKhawula uthe babone kufanele ukubungaza uNtuli ngenxa yegalelo lakhe alidlalile ekuthuthukiseni ulimi lwesizulu.
“UMphemba udlale iqhaza elikhulu ekuthuthiseni ulimi lwethu ngemibhalo yakhe eqondile futhi esihlomisayo ngolimi lwethu hhayi lento eyenzekayo manje abantu bagcina sebesephula isizulu, kodwa imibhalo kaMphemba kumele sifunde kuyo. Ingakho sibone kufanele ukumubungaza nokuthi sibe ingxenye yaloluhlelo” kusho uKhawula.

Ezibongela uSolwazi uNtuli ubonge wanconcoza kuMnyango ngokumkhumbula esaphila. “Ngiyajabula kakhulu ukubungazwa ekhaya ngisaphila, lokhu kusho lukhulu kmina. Ngithemba ukuthi lokhu kuzogqugquzela nababhali abesabancane abafana noMuntomuhle Mcambi ukuthi uma beqhubeka nabo ngokusebenza kanzima ukuthuthukisa imibhalo kanye nolimi lwethu nabo bayobungazwa kanje ngelinye ilanga. Ngithokozile kakhulu ngalokhu futhi ngithemba ukuthi kusazophindwa futhi ngoba angikazokufa ngisazophila nje” kusho uSolwazi uNtuli enezela ngamancoko.
Okunye okuvelile ukuthi bekufanele ngempela ukuthi lesigcinamagugu sibekwe Ongoye ngoba uNtuli waba ngumfundi wokuqala waleNyuvesi ngo-1960. Kanti futhi kuwo lomcimbi uMnyango Wezemidlalo Namaciko Namasiko umuhloniphe ngesheke lemali engango R50 000 alamukele esandleni sikaNgqongqoshe. USolwazi uNtuli ubhale izincwadi ezingaphezu kwamashumi amabili, ezinye zazo ezifundwe ezikoleni okuyizindatshana nezinkondlo. Waphinde wabhala nemidlalo yomoya yasemsakazweni. Waqoqa nezindondo ezingaphezu kwama-30 ngemisebenzi yakhe emihle yesizulu.