KUBOSHWE OBEQISA IZINGANE EMNGCELENI

ABAKWA-BMA okuyibona abaqaphe imingcele yakuleli. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UKHALELWE amasongo kaSigonyela umshayeli wetekisi, obanjwe oqotsheni elayishe izingane eziyi-6 ezingenawo amaphepha azigunyaza ukungena kuleli.
Abakwa-Border Management Authority (BMA), babambe lo wesilisa emngceleni omatasa oxhumanisa elakuleli neZimbabwe.
Ngokusho kweziphathimandla zithi lezi zingane azikwazanga ukunikeza izincwadi zokungena kuleli ezisemthethweni, futhi akukho bazali noma abanakekeli abasemthethweni ababekhona ngesikhathi sokubanjwa kwazo.
“Sibe sesithatha isinyathelo ngokushesha ukuvikela izingane kuze kube kuyatholakala ukuthi zingobani,” kusho abakwa-BMA.
Kwisitatimende sabo
baqhube bathi uphenyo luyaqhubeka kuze kutholakale ukuthi izingane zivelaphi, indawo ezihlose ukuya kuyo, nokuthi ngabe bezishushumbiswa yini noma cha.
