KUBOSHELWE IZINKAKHA KOWE-MANDENI HOME COMING EMANDENI

IMANDENI Home Coming Music Festival iza nokuhlukile kulonyaka.
NOMCEBO NGEMA
IMANDENI Home Coming Music Festival ibuya nomlilo wodwa kulonyaka , njengoba ibophele abaculi nabaphathi bezinhlelo abaseqopheleni eliphezulu.
Le ndumezulu yalo mcimbi izoba mhla zingama-24 kuZibandlela, enkundleni yezemidlalo Kwancend’mhlophe Stadium eMandeni.
Lo mcimbi uneminyaka eyi-12 wenzeka njengoba ngosuku lokuqala usuke uqhakambisa ezokuvakasha, ngosuku lwesibili kucijwa amaciko ecijelwa umcimbi omkhulu osuke uzoba sosukwini lwesithathu.
U-DJ Nono ongumhleli womcimbi aphinde abe umsunguli we-Nonortainment , okuyinkampani ehlela lo mcimbi ukhuthaza abantu ukuthi baqhubeke bathenge amathikithi. “Uma ithikithi lakho ulithenge eShoprite ngicela ugcine kahle islip futhi ufike naso ngelanga lomcimbi ngoba sizoskenwa, labo okungenzeka ukuthi abasenazo ngicela babuyele khona eShoprite beyozicela. Ngicela wonke umuntu aphuthume ayothenga ithikithi lakhe ukuze ezozibonela bukhoma abaculi abathandayo nosaziwayo ahlale ebabona kumabonakude,” kusho uNono.
Uphinde wakuveza ukuthi awekho amathikithi azodayiswa esangweni ngosuku lo mcimbi ngakho abantu abaphuthume beyothenga eShoprite naseComputicket, ithikithi liqala ku-R150, R200 ebese iVIP iba uR500.
Abaculi abazoshiyelana inkundla uDJ Kotini, uKhuzani, uNtencane, uFalabo, uSaliwa, uJumbo, uDladla Mshunqisi nabanye abaningi, kubaphathi bezinhlelo kubalwa uSwazi M, Mc Master Nu Da Comedian nabanye. Imbila yeswela umsila ngokuyalezela, Phuthuma uthenge ithikithi lakho

.
