Uncategorised

INJABULO ISIKOLE SIFAKELWA IZIKHONKWANE ZEZULU E-VYRHEID

ITHIMBA ebelithunywe iMeya ngesikhathi lifaka izikhonkwane zezulu esikoleni. ISITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

BAHLULEKE ukuzibamba ngenxa yenjabulo othisha nabafundi base-Shoba Second School eVryheid, ngesikhathi iMeya kaMasipala waseBaqulusini uCllr Sifiso Mkhwanazi ibafakela izikhonkwane zezulu (lightning conductors).

Isicelo salezikhonkwane senziwa uthishanhloko wesikole uMnuz Mthethwa, njengoba akhala ngokuhlushwa ukuduma kwezulu okugcina kuholela ekutheni abafundi baphume isikhathi sesikole singakashayi, ngenxa yokucabangela ukuphepha kwabo. “IMeya igcina isethembiso eyasenza ngesikhathi ngiyicela ukuthi isilekelele, ngoba sinenkinga yesimo sezulu esingesihle futhi esiyaye sisiphoqe ukuthi uma lihloma izulu likhombisa ukuduma, siyaphoqeleka ukuthi sibakhiphe abafundi isikhathi singakashayi ngenhloso yokuvikela impilo yabo. Ngiyabonga kakhulu kwiMeya ngokugcina isethembiso sayo, inamhlanje lalesikole alisafani nelayizolo siyabonga kakhulu,” kusho uMnuz uMthethwa.

Lo msebenzi ube usuqhutshwa ithimba ebelithunywe iMeya uCllr Mkhwanazi esikoleni.