OWE-BAFANA BAFANA WETHEMBISE UMSHADO UMETHULO WEZEMIDLALO

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
UMDLALI weBafana Bafana ne-Orlando Pirates u-Innocent Maela nesinqandamathe sakhe esingumethuli wezemidlalo kwaSuperSport uZenande Funani, basebenzise lempela sonto ende yeholidi ngokuthi bathembisana umshado.
Kubonakale sekuntaza izithombe ezinkundleni zokuxhumana lapho uMaela noZenande bejabule besekhaya lale ntokazi eMaclear e-Eastern Cape nezihlobo zabo nabangani.
Lezi zithandani bezigqoke izingubo zamaXhosa kanti uZenande ugijimele ezinkundleni zokuxhumana wabhala wathi “Angikholwa neze ukuthi sengizoshada umngani wami omkhulu. Ngiyamthanda kakhulu loya muntu. Naye ujabulile kakhulu okwenza nami ngisangange kakhulu. Oh isthandwa sami. UNkulunkulu ulokhu ebe muhle njalo kuthina.”
Abantu abaningi bazijabulele kakhulu lezi zithandani.
