IZIYALO EZINQALA KUBAFUNDI BEKLONYELISWA E-VRYHEID

IMEYA uKhansela S’fiso Mkhwanazi ngesikhathi eyala abafundi ebebeklonyeliswa.

ABANYE babafundi abaklonyelisiwe
ISITHOMBE: UMASIPALA WASEBAQULUSINI
NOMCEBO NGEMA
UNIKE umphako abafundi abaphase ngamalengiso umatikuletsheni wabo, uMasipala Abaqulusi emcimbini wokubaklomelisa obuhambisana nomkhuleko wokuqala unyaka, eCecil Emmet eVryheid.
IMeya Cllr S’fiso Mkhwanazi waseBaqulusini
ukhuthaze abafundi ngokuthi asikho esinye isikhali esiyobavulela iminyango njengemfundo futhi angeke basiphucwe muntu.
“Kubalulekile ukuthi nifunde ngokuzikhandla, ukuze nikwazi ukushintsha impilo yemindeni yenu, niqhakazise indawo eniphuma kuyo,” kweluleka iMeya uMkhwanazi.
IMeya iveze ukuthu lomasipala ziyi-15 izikole eziphase ngamalengiso zathola o-100%, bezigadle kakhulu ngezifundo ze-Science neMaths.
“Bantabami ngicela niqhubeke nenze kahle nalapho eniya khona, nibeke lo masipala kwibalazwe. Ngicela nikhethe isihlangu sokukholwa uNkulunkulu ngoba nilapha enikhona namhlanje kungumusa wakhe. Ngibonga kakhulu kubafundisi abasukumela phezulu ngaso sonke isikhathi uma sibadinga ngodaba lwabafundi,” kusho iMeya.
UCllr Mkhwanazi uthi baxhase abafundi abangama-60 abadonsa kanzima emakhaya, ukuze bayoqala ezikhungweni zemfundo ephakeme ngemali engango-R5000 umfundi ngamunye
