
IBANDLA LIBONGE UMFUNDISI
UMBIKO: BUSISIWE ZONDI
IBANDLA i-His Kingdom Come Family Church (AFM) lenze inkonzo yokubonga uMfundisi walo uMfundisi Thabile Nkosana.
Inkonzo ibiyenzelwe kwelinye lamahhotela agudle ulwandle eThekwini.
Izikhulumi bezisho ngazwi linye indlela uMfu Nkosana anothando ngakhona. UMfu M Zondi ovule izwi uthe, kunzima ukuba yisisebenzi senkosi. “Kwesinye isikhathi uyamdumisa ungazi nokuthi endlini kuzodliwani, abantwana bona bazoya ngani esikoleni, kodwa ngoba kumele uthembeke kuNkulunkulu, awungabazi futhi awusoli lutho”. uMfundisi Zondi uphinde wanxusa kuMama kaMfundisi Nkosana obekhona naye kulenkinzo umnxuse ukuba aqhubeke nokumbeka emthandazweni umntwana wakhe, yize kungelula ukuba nomntwana onobizo lokuba nguMfundisi.
UThobeka Mazeka okhulumele ibandla, uthe uMfundisi Nkosana ubafundise ukuthandaza nokuzila ukudla. Kugcwale izinyembezi kuMfundisi Thabile Nkosana abazalwane sebekhipha izipho.
Umndeni wakwaNkosana, umkhwenyana kaMfundisi Nkosana uMandla Nkosana namadodakazi abo amabili abekhona.
Ebonga uMfu Nkosana uthe ubonga kakhulu ebandleni elenze umsebenzi omkhulu. “Ngiwaswele amazwi bantabami. Ngiyazi iningi lisaseskoleni, kodwa ngyamangala namuhla. Mithathu iminyaka ngaqala ukuhamba lendlela nani. Bekungelula kodwa sibambe ukusho kukaNkulunkulu’, kusho yena.
