IYAQHUBEKA IMIZAMO YOKUTAKULA ABAWELWE ISAKHIWO EBUHLENI

ABOSIZO lokuqala bazama ukubheka ukuthi abekho yini abasacindezelekile kwisakhiwo, eBuhleni. ISITHOMBE: METRO POLICE SERVICE
AKHONA DLAMINI
UPHIKO lokusesha nokutakula eThekwini luyaqhubeka nemizamo yokubheka ukuthi abekho yini abacindezelekile, ukuzama ukuhlenga abalimalile, kulandela ukuwa kwesakhiwo sesonto lamaNazaretha, eNanda, namuhla emini.
Ngokwemibiko kuthiwa kulesi sigameko kulimale abantu abangaphezu kweshumi ngesikhathi isakhiwo siwa amaNazaretha ebambe inkonzo yawo yaminyaka yonke ngoNtulikazi .Abezimo eziphuthumayo bathi lusaqhubeka uphenyo lokuqinisekisa ukuthi akekho yini omunye umuntu osacindezeleke ngaphansi kwemfucuza. Abalimele bathole usizo lwezempilo endaweni yesigameko, ngaphambi kokuthi baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole ukwelashwa.Okwamanje imbangela yokuwa kwalesi sakhiwo ayikaziwa, kodwa amaphoyisa ayaphenya.
