INKAKHA YECHIEFS YESEKA ABAQEQESHI BAMAKHOSI

UJOSTA Dladla weseka abaqeqeshi beChiefs ngomsebenzi wabo omuhle kulesizini.
ISITHOMBE: The South African
MALIBONGWE MAZIBUKO
OWAYENGUMDLALI wasesiswini weKaizer Chiefs, uJosta Dladla, usephumele obala weseka abaqeqeshi ababambisene beqembu, uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef, ethi benze umsebenzi omuhle selokhu bathatha izintambo ngoMandulo ngonyaka odlule.
Laba baqeqeshi baqokwe ngemuva kokuhamba kukaNasreddine Nabi nyakenye. Sebeqoqe amaphuzu angu-45 emidlalweni engu-24 yeBetway Premiership. Lesi yisibalo esiphezulu eqenjini kule minyaka emihlanu edlule njengoba sekusele imidlalo eyisithupha kuphela ngaphambi kokuphela kwesizini.
UDladla uthe iChiefs isesigabeni sokwakha kabusha futhi ukuqeda isizini endaweni yesithathu noma eyesine kungaba yimpumelelo enkulu eqenjini kule minyaka eyisishiyagalombili edlule.
Uveze ukuthi abaphathi beqembu yibona abazothatha isinqumo ngekusasa labaqeqeshi, kodwa wagcizelela ukuthi ukusebenza kwabo kukhombisa ukuthuthuka.
Amehlo asezobhekiswa emdlalweni omkhulu weSoweto Derby lapho iChiefs izobhekana khona neOrlando Pirates eFNB Stadium, eGoli, ngeSonto ntambama. UDladla uthe ulindele ukuthi iChiefs idlale kangcono kulokhu, njengoba yahlulwa ngo 3-0 emdlalweni wokuqala wesizini.
Uphinde waveza ukuthi noma iChiefs ingazange ibe nemiphumela emihle njalo, kodwa imvamisa iyavuka uma idlala nePirates, futhi izimisele ukuvimba izimbangi zayo ukuthi zithole amaphuzu aphelele.
Imiphumela yeChiefs eminyakeni edlule ikhombisa umsebenzi osamele wenziwe, njengoba iqede isizini edlule isendaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu angu-32, kwathi ngaphambi kwalokho yaqeda endaweni yeshumi ngamaphuzu angu-36.
