Uncategorised

ISHISA IZIKHOTHA I-ALBUM KA-NOMCEBO DOT

UNOMCEBO Mthethwa okhiphe unqambothi lwe- album. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

NOMCEBO NGEMA

ISHISA izikhotha i-album esihloko sithi The Journey, kaNomcebo Mthethwa owaziwa kakhulu ngelika “Nomcebo Dot” endimeni yomculo.
Le album iphume mhla ziyi-7 kuNhlolanja kulonyaka futhi ibophele ulozolo lwezingoma eziyi-12.

UNomcebo akagcini ngokuba umculi oyintandokazi kuphela kodwa uphinde abe yisilomo kubalandeli bakhe, njengoba ewumlingisi, oke walingisa wabonakala uZalo, Amalanga Awafani oba njalo phakathi nezinsuku ligamenxe ihora lesithupha ntambama, ku-SABC1 lapho edlala khona indawo kaNodoli.

Le albhamu kaNomcebo ibophele izingoma ezifana ne- Unconditional Love, Colours In The Sky, Respect Is Key, God’s Love Overflow kanye namanye amanoni amaningi ongawathokozela.

Le ntokazi ike yakhipha ingoma yayo eyodwa esihloko sithi Isithembiso neyaba nomphumela omuhle kakhulu.

Ekhuluma naleli phephandaba uNomcebo uthi lonyaka ka-2026 unyaka wezibusiso. “Ngijabule kakhulu ngale-album futhi abantu bayithokozele bayithanda kakhulu. Angigcini ngokuba umculi kanye nomlingisi kodwa ngiphinde ngibe neprojekthi yami iBarbie Doll (okungunodoli oyimina onechashaza esiphongweni) engiwuchaza njenge- “illumination” yohambo lwami lwangasese. Lo nodoli uyincwadi yothando engiyibhalele iNingizimu Afrika yonkana okhombisa ubuhle bemumva lami, ngesikhathi ngilungisa ikusasa lami eliqhakazile,” kuchaza uNomcebo.