BABEKWE ENDLINI YOKUGCINA ABAFUNDI ABATHATHU ABASHONA KWEYETEKISI EGOLI

OMUNYE wabafundi obekwe endlini yakhe yokugcina izolo eGoli. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
BABEKWE endlini yabo yokugcina abafundi abathathu abashona engozini yetekisi ngoMsombuluko eVanderbijlpark, eGoli. Le ngozi yadlula nemiphefumulo yabafundi abayi-14 ngesikhathi belibhekise ezikoleni ezihlukahlukene.
U-Ofentse Jayden Vinger oneminyaka eyi-6 ubudala, uBokamoso Mokhobo oneminyaka eyi-13 ubudala no-Thato Moetji oneminyaka eyi-16 ubudala, babekwe endlini yabo yokugcina izolo, njengoba inkonzo yokubaphelezela ibibanjelwe eSaul Tsotetsi Multipurpose Centre, eSebokeng.
NgoLwesine umshayeli wetekisi u-Ayanda “Biggie” Dludla oneminyaka engama-22 ubudala ongumshayeli wetekisi, ubevele enkantolo kodwa icala lakhe lahlehlela umhlazi-5 kuNdasa kulonyaka. U-Ayanda ubhekene nenqwaba yamacala okubalwa ayi-14 okubulala, amathathu okuzama ukubulala, elilodwa lokushayela engenazo izincwadi, elilodwa lokushayela imoto engagunyaziwe ukuthi ibe semgwaqeni kanye nelilodwa lobudedengu.
Okuphinde kwatholakala ukuthi umshayeli wetekisi unabantwana ababili abasinde kulesibhicongo sengozi.
Kubikwa ukuthi ezinye izingane zakhe ezimbili ezisindile kuyona le ngozi yingoba zazilovile esikoleni, naye umshayeli wetekisi kuthiwa uzalwa umnikazi wetekisi.
