Uncategorised

KUNGASE KUHLAKAZWE INHLANGANO ENGENZI NZUZO KWAMASHU NGOKUKHWABANISA

smart

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

UKUPHATHWA budedengu kwezimali kwisikhungo esinakekela abantu abadala KwaMashu, iKwaMashu Christian Care, kungase kuholele ekuvalweni kokusebenza kwale Nhlangano engenzi nzuzo.
Ngokuthola kwaleli phephandaba kuthiwa okodonse amehlo uMnyango wezokuThuthukiswa koMphalathi KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uNksz Mbali Shinga, ukuthi lesi sikhungo kutholakale ukuthi sikweleta imali engaphuzulu kwesigidi (million) uMasipala weTheku.
Kuthiwa kulapho umnyango uqale ukwenza uphenyo olunzulu, nokuyilapho uthole amanyundululu amaningi, nokuthi kunemali umnyango obuyifaka kodwa ayibonakali ukuthi yenzeni.
UNgqongqoshe uShinga namuhla kulindeleke ukuthi ahlangane nebhodi lale nhlangano nabaphathi beKwaMashu Christian Care Society.
UShinga ukwenza lokhu ngenhloso yokuqhamuka nesinqumo esizosiza ukuthi isikhungo siqhubeke nokusebenza, kuqhamukwe nezindlela eziyisa phambili nokuthuthukiswa indlela yokuphathwa kwezimali.
“Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi umnyango wami
uvakashe kungazelele muntu esikhungweni ngo-Agasti nyakenye,” kusho uNgqongqoshe uShinga.
Lesi Sikhungo sike saba sematheni kwabezindaba kusukela kuqubuke izinsolo zokuziphatha budlabha nokuphathwa kwezimali ngendlela embi.
Kuthiwa izinselelo ezibhekene nalesi sikhungo, ziholele ekutheni umasipala uthathe isinqumo sokunqamula ukunikezwa kwamanzi. UShinga uzobikela ibhodi nabaphathi besikhungo ngalokho okutholakele.