KUBE NOMUNYU NOSIZI KUKHUNJULWA IMPILO KAMENGAMELI WE-NFP

UNGQONGQOSHE uNksz Mbali Shinga ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yosuku.

LAPHA kungesikhathi uNgqongqoshe epha izaguga izipho.

AMALUNGU ewembu abethamele umcimbi.

UNOBHALA weNFP KwaZulu-Natal uNkk Zodwa Mtshali
IZITHOMBE: ANELISA NYUSWA
NOMCEBO NGEMA
ZEHLE zalandelana izinyembezi kuNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Mbali Shinga, ngesikhathi kudlalwa umbukiso (video) wempilo yomsunguli nomholi weqembu le-National Freedom Party (NFP), ongasekho emhlabeni uNkk Zanele KaMagwaza-Msibi.
Lokhu kwenzeke namhlanje ngesikhathi leli qembu esifundazweni libungaza inyanga yokuzalwa kuKaMagwaza-Msibi, Olundi ehholo lomphakathi eMaqhingendoda ngoMgqibelo.
UNgqongqoshe uthi lo mbukiso umkhumbuze ngezikhathi zakudala lesi shabasheki sisaphila. Uthi uvukwe umunyu ohambisana nokumkhuthaza ukuthi naye ahambe ezinyathelweni zakhe uVZ KaMagwaza-Msibi, zokubeka phambili abantu ngokuhlukana kwezigaba zabo. Uveze ukuthi lo mcimbi uhlelwe isigungu esiphezulu KwaZulu-Natal.
“Lo mcimbi uhlelwe isigungu esiphezulu KwaZulu-Natal ngoba siyathanda ukukhombisa ukuthi uhulumeni wesifundazwe wenzani kanye nokukhombisa ukuthi iNFP yenzani. Siyazithoba kakhulu kuMengameli uNkk KaMagwaza-Msibi ngoba ubuholi bakhe busaqhubeka nokusinika ithemba nasezikhathini ezinzima. Njengoba silapha namhlanje siyavuma sonke ukuthi umthwalo waleli qembu usezandleni zethu sonke. Umthwalo esibhekene nawo awumncane neze kodwa udinga ukuthi sibe imbumba, sizinikele, ukuhloniphana nokuba nobuholi obuqotho. Kufanele sibe nezigceme eziqinile kusukela kumagatsha, kuya esifundazweni kuze kube ikuzwelonke,” kusho uNgqongqoshe uShinga.
Uqhube wathi uma i-NFP ithunyelwa kuhulumeni ayifiki nje ihlale phansi ifudumale, kodwa iba phansi phezulu ihambise kubantu intuthuko. Uthi iqembu le-NFP liyenza aligcini ngokukhuluma kuphela.
“Bese kuyisikhathi eside osonhlalakahle bengaqashwa kulesifundazwe kodwa sahambisa izicelo, kwavuleka izikhala eziyi-100 zosonhlalakahle abazoqashwa. Kuyimanje izinhlelo zokuhlunga ziqalile ngenxa yomsebenzi nokuzikhandla kwe-NFP. Kufanele sifundise amalunga ethu ukuthi inhlangano ayakhiwa ngesikhathi sokhetho kuphela kodwa yakhiwa nsuku zonke,” kuphetha uNgqongqoshe uShinga
UNgqongqoshe uShinga ube esepha izaguga izipho njengoba kuwusuku lwezithandani, omkhulu kanye nomndeni kaNkk KaMagwaza-Msibi nawo obuyingxenye yalo mcimbi. Lo mcimbi ubuhanjelwe amalunga eNFP aqhamuka kuzona zonke izifunda KwaZulu-Natal.
