Uncategorised

ISILO SIDLULISE AMAZWI ENDUDUZO NGOKUKHOTHAMA KWESILO SAMANGONI

ISILO samaNgoni esikhotheme izolo. ISITHOMBE: INDLUNKULU KAZULU

NOMCEBO NGEMA

INDLUNKULU KaZulu ngaphansi kobuholi beSilo uMisuzulu kaZwelithini badlulise amazwi enduduzo esizweni samaNgoni kulandela ukukhothama kweSilo uMpezeni IV, namuhla.
“Akusona isizwe samaNgoni kuphela esilahlekelwe kodwa abantu bonke base-Afrika abahlonipha ubuholi bendabuko, amasiko nokuhlakanipha kwezingqalabutho. ISilo esikhotheme besingumholi ogcina amasiko, umvikeli wabantu nesibani senhlakanipho ebantwini baso,” kusho isitatimende.

Ubudlelwane phakathi kwesizwe samaZulu namaNgoni busukela kudala ngesikhathi kusaphethe iSilo uZwangendaba kaZwide, futhi abugcinanga lapho kodwa buqhubekile nangesikhathi seSilo uMpezeni IV.

INdlunkulu iphinde yakhuthaza isizwe samaNgoni ukuthi siqine, sisekane ngalesi sikhathi esinzima.