Uncategorised

IGEQE AMAGULA INTSHA KOWE- TEENS EXPRESSION

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI

INDLOVUKAZI Mapule iphonsele inselelo abantu baKwaZulu-Natal, ukuthi banike intsha ithuba lokuyilalela ngenhloso yokwakha ikusasa elingenazo izihibe.
INdlovukazi Mapule ongumsunguli weSigodlo zeziNdlovukazi, ukusho lokhu ngesikhathi kunomcimbi obizwa nge-Teens Expression, wenzelwe eBat Centre.
” Kuningi okukhulunywa yintsha okungaba nomthelela wokwakha iNingizimu Afrika enekusasa nabaholi bakusasa abakulungele ukwengamela izwe. Kuningi okubhekene entsha, okunye kwenza igcine ingazi ukuthi liyaphuma noma liyashona, ngenxa yokubhekana nengcindezi nokhwantalala, okuyiko okuholela ekutheni intsha izibulale,” kubeka iNdlovukazi Mapule.
Uthi lo mcimbi ogujwa minyaka yonke inhloso ukufundisa intsha yaseSigodlweni seziNdlovukazi, ebizwa nge-Inheritors Palace.
Uveze ukuthi intsha bayaqoqa bayihlanganise icobelelwe ngolwazi, lokuziphatha uma ukhula.
“Intsha inikwa ithuba ukuthi ikhulume ngezingqinamba ebhekene nazo emakhaya, emphakathini nezithinta ukuthuthukiswa kweNingizimu Afrika,” kuchaza iNdlovukazi Mapule.