Uncategorised

IBISEQHULWINI EYOKUTHUTHUKISWA KOMNOTHO NAMATHUBA EMISEBENZI KWI-LEKGOTLA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ehola imbizo iLekgotla.

UMKHUZI waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho uMfundisi Musa Zondi. IZITHOMBE: ZANDILE SHANGE

NOMCEBO NGEMA

IBIGXILE kakhulu ekukhuliseni umnotho nokudala amathuba emisebenzi iLekgotla, okuyimbizo lapho kuhlangana khona uhulumeni nezinhlaka ezihlukahlukene, bebheka uhambo asebeluhambile ukuphendula izinselelo ezibhekene nabantu baKwaZulu-Natal, e-Archie Gumede Conference Centre, eMayville eThekwini.

Le mbizo ibiholwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uthi abagcinanga ngokubheka uhambo asebeluhambile kodwa baphinde bahlela ukuthi baya kanjani phambili. “Sigxile kakhulu kudaba lokukhuliswa komnotho, izindlela zokuzama ukudala amathuba emisebenzi nengqalasizinda, konke okungenza ukuthi umnotho uthuthuke uye phambili, sithuthukise zonke izindawo zasemadolobheni nezisemakhaya. Sibhunge kakhulu ngalezindaba saphinde saphendula inkulumo kaMengameli wezwe, ukuthi nazi izinto okufanele zenzeke esifundazweni saKwaZulu-Natal,” kusho uNdunankulu Ntuli.

Uqhube wathi bazophinde bethule imibiko kwinkulumo yesifundazwe (State Of the Province Address) ezoba mhla zingama-27 kuNhlolanja kulonyaka. Usho nokuthi iLekgotla izobalekelela kakhulu ukuthi bakwazi ukulungiselela inkulumo yesifundazwe. “ILekgotla ifana nesibuko sokuthi njengesifundazwe simi kanjani ukuhlahla indlela eyaphambili. Kuningi kakhulu esibhunge ngakho, okuningi sisaqhubeka ngokuxoxa ngakho njengoba singakafinyeleli esiphethweni okanye ezivumelwaneni. Olunye udaba obeluseqhulwini udaba lwenkampani yakwa- Hullet kanye nolwesifo samatele,” kuphetha uNdunankulu Ntuli.

Le mbizo ibihanjelwe ongqongqoshe bonke besifundazwe, uMkhuzi waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, izinhlaka ezihlukahlukene ezizimele.
Le mbizo iyaqhubeka kusasa.