INKANTOLO IPHOQE IMEYA UKUTHI ISUSE IMIBHALO ENXENXA ABOKUFIKA UKUTHI BAHAMBE

IMEYA uCllr Mduduzi Myeza oyalelwe inkantolo ukuthi asuse yonke imibhalo emayelana nabokufika ku-Facebook. ISITHOMBE: INKOSI LANGALIBABA MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
INKANTOLO ePhakeme yaseMgungundlovu iyalele iMeya kaMasipala Inkosi Langalibalele, uCllr Mduduzi “Sobholenyoni” Myeza, ukuthi asuse yonke imibhalo ayibhala enxusa abokufika abakuleli ngokungekho emthethweni ukuthi bahambe ku-Facebook. Lokhu kulandela ukuthi inhlangano iKopanang Africa Against Xenophobia, ihlangene nabokufika kuleli bavulela iMeya uMyeza icala, ngemuva kokukhipha umyalelo wokuthi bonke abokufika kuleli abangena kuleli ngokungemthetho bahambe kulomasipala zingakapheli izinsuku ezingama-21 eziwumnqamulajuqu, ebeziphela namuhla.
Abakuleli badinwe bagane unwabu ngesinqumo senkantolo, bathi babona umthetho wakuleli uvikela abantu bokufika, uphinde unqinde abaholi abakhethwa umphakathi ukuthi ubakhulumele njengabantu bakuleli abantulayo. Bathi kungani inkantolo iphoqa iMeya ukuba isuse yonke imiyalezo ebhaliwe ethinta abantu bakuleli ukuthi bazizwa kanjani?
