ICITY IGUQISE IGALAXY KOWAMANQAMU WE-NEDBANK CUP.

IDURBAN CITY ihlule iTS Galaxy, inqoba indebe yeNedbank Cup ngemumva kweminyaka eyi-17.
ISITHOMBE: Durban City FC
MALIBONGWE MAZIBUKO
IQEMBU laKwaZulu-Natal, iDurban City, iDurban City, liqophe umlando omusha ngokunqoba indebe yeNedbank Cup ngemuva kokushaya iTS Galaxy ngo 2-1 emdlalweni obushubile obubanjelwe ePeter Mokaba Stadium izolo.
Umdlalo uqale ngesivinini esikhulu womabili amaqembu efuna ukuvula amathuba. IGalaxy ithole igoli lokuqala ngomzuzu ka-44, lapho uJean Lwamba weCity eshaye khona igoli enethini yangakubo ngaphambi kokuphela kwesiwombe sokuqala.
Esiwombeni sesibili, iCity ibuye ngamandla yalinganisa ngomzuzu ka-58 ngegoli likaMfanafuthi Mkhize, okwenze umdlalo wavuleka womabili amaqembu efuna igoli lokunqobisa.
ICity ayizange iphele amandla. Ngo mzuzu ka-72, uJean Lwamba ukungise iphutha lakhe langaphambilini eshaya igoli eliqinisekisa ukuthi iqembu lakhe linqoba inkomishi.
Lokhu kunqoba kusho ukuthi iCity iqede indlala yeminyaka engu-17 yamaqembu aKwaZulu-Natal engakwazi ukuphakamisa indebe, okuletha injabulo enkulu kubalandeli besifundazwe kanye nohulumeni wesifundazwe. Ngokunqoba iNedbank, iCity izibekisele indawo emqhudelwaneni iCAF Confederations Cup ngesizini ezayo.
