KUSHONE UMNIKAZI WE-WISEMAN CAR WASH KWAMASHU

UMNUZ Wiseman Cele

ISITHOMBE sokudlula emhlabeni kukaMnuz Wiseman Cele ongumnikazi we-Wiseman Car Wash and Bottle Store KwaMashu.
NOMCEBO NGEMA
ALOKHU engene njalo amazwi enduduzo, nokushaqeka kwabaningi, kulandela ukudlula emhlabeni kukasomabhizinisi uMnuz Wiseman Cele, ongumnikazi wendawo yobumnandi KwaMashu, iWiseman Car Wash and Bottle Store.
Ukudlula emhlabeni kukaMnuz uCele kuvele ekhasini lendawo yakhe yobumnandi, kuFacebook.
“Sidlulisa izindaba ezingezinhle futhi ezingemnandi zokudlula emhlabeni kukaMnuz Cele, ongumsunguli wendawo yobumnandi iWiseman Car Wash and Bottle Store. Sicela nibeke umndeni wakwaCele emkhulekweni kulesikhathi esinzima obhekene naso,” kusho isitatimende ku-Facebook.
Omunye umlandeli wekhasi uncome kakhulu uMnuz Cele ngokuzithoba kwakhe nokwazisa abanye abantu.
“Ngake ngasebenza khona on my first day as a bouncer, ngimi naye esangweni kwaphela usuku ngingazi kodwa ukuthi uyena uWiseman yoooh ay may he R.I.P,” kuphawula umlandeli wekhasi.
Izinhlelo zokufihlwa kwakhe zizomenyezelwa.
