
INTSHA IFUNDE NGAMAGUGU NEZOKUVAKASHA E-INK

ABAFUNDI abangaphezu kuka-200 bavakashele izindawo zamagugu nezokuvakasha zaseNanda, Ntuzuma naKwaMashu, ngesikhathi sohambo lweTourism Awareness Month.ISITHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY
LINDELWA MAGWAZA
ABAFUNDI abangaphezu kuka-200 abavela ezikhungweni zemfundo ephakeme, okubalwa kuzo Elangeni TVET College neNyuvesi yaKwaZulu-Natal, babe yingxenye yohambo lokufunda ngomlando, amasiko nezokuvakasha e-INK. Lolu hambo luhlelwe yiKASLAM Events ngokubambisana neDurban Tourism, ngenhloso yokwazisa intsha ngamathuba ezokuvakasha kanye namagugu atholakala emiphakathini yayo.
Lolu hambo luqale KwaMashu lwaya endaweni yaseNanda, lapho abafundi bevakashele khona izindawo ezibalulekile emlandweni, okubalwa kuzo iGandhi Settlement, EkuPhakameni, Inanda Seminary, Inanda Old Post Office kanye Ohlange Institute. Baphinde bafunda ngabantu ababalulekile emlandweni okubalwa kubo uDkt Pixley ka-Isaka Seme noBertha Mkhize.
Ekhuluma egameni likaMasipala weTheku, uCllr Nxumalo, uthe lolu hlelo lunikeza intsha ithuba lokuqonda ukuthi ezokuvakasha zingaba yingxenye yokuthuthukisa imiphakathi.
Uthe ukuvakashela izindawo nokweseka amabhizinisi endawo kungaba negalelo emnothweni wezokuvakasha.
“Lolu hambo alugcini ngokufundisa ngomlando wethu, kodwa lusikhumbuza ukuthi ezokuvakasha ziqala emakhaya. Intsha yethu inethuba lokusebenzisa amakhono ayo ekwenzeni okuqukethwe, ukuthwebula izithombe, ukuqopha amafilimu, ukuhola izivakashi kanye nokwakha amabhizinisi azosiza ekuthuthukiseni imiphakathi yethu,” kusho uNxumalo.
Umhleli walo mcimbi, u-Anelisa Ngwenya, uthe lolu hlelo luyisinyathelo sokuqala sokwenza uhambo lweTourism Awareness Month lube umcimbi waminyaka yonke.
“Inhloso wukukhombisa izindaba ezinhle, abantu namathuba atholakala KwaMashu, eNanda, eNtuzuma nasezindaweni ezakhelene nalezi,” kusho u-Anelisa.
