KUTSHALWE U-R26 BILLION WOKULWA NEGCIWANE LENGCULAZI KULELI

UNGQONGQOSHE weziMali kuzwelonke uMnuz Enoch Godongwane, ngesikhathi ethula isabelo mali sakulonyaka. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UHULUMENI waseNingizimu Afrika kuzwelonke, utshale imali engango-R26 billion ezifundazweni, ngenhloso yokuzama ukulwa nesifo segciwane lengculazi, lokhu kulandela ukuthi izwe laseMelika lahoxisa usizo lwayo ngonyaka odlule. Lokhu kuvele ngesikhathi uNgqongqoshe weziMali uMnuz Enoch Godongwane ethula isabelo mali sakulonyaka., nathi uR410 million uzobhekana nezinhlelo ezikhethekile zokuvikela omama abakhulelwe ekudluliseni igciwane ezinganeni, nokuthi kuthengwe imishanguzo yokuthithibalisa leli gciwane.
UMnyango wezeMpilo wona wabelwe uR334.3 billion, kuthi kule mali inani likaR21.3 billion kuzokuba elokuqashwa kodokotela nokulungisa izibhedlela ezifana ne-Inkosi Albert Luthuli Hospital.
UMnyango wezeMfundo uthole uR527.2 billion, kwase kwathi uNSFAS wabelwa uR54.3 billion ukuxhasa abafundi abangama-744 203. UNgqongqoshe uGodongwane uphinde waveza ukuthi kutholakale abasebenzi bakahulumeni abayizipoki abangama-4 323, uthi imiholo yabo izomiswa njengoba uhulumeni eqinisa ukulawula uhlelo lwezinombolo ze-Persal.
