I-MKP IPHIKA EYOKWELULWA KOMNQAMULAJUQU

USIBONELO Nomvalo oyilunga le-MKP ephalamende. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
IQEMBU lezepolitiki uMkhonto Wesizwe (MKP) lishaya phansi ngonyawo, lithi alisivumi isicelo sikaMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa sokwelula umnqamulajuqu wokuthumela izimpendulo, emibuzweni ebhalwe phansi evela kwiKomidi lePhalamende le-Ad Hoc, mayelana nezinsolo zokungena kobugebengu, inkohlakalo kanye nokugxambukela kwezombusazwe ohlelweni lwezobulungiswa.
USibonelo Nomvalo oyilunga le-MKP ephalamende, uthi uMengameli usenikezwe isikhathi esanele sokuphendula ngakho, akufanele kwengezwe isikhathi kuze kube uMsombuluko ozayo. “Ukubambezeleka kwezimpendulo kuzonciphisa isikhathi sokuthi ikomidi likwazi ukubuza imibuzo elandelayo singakapheli isikhathi. UMengameli kufanele athumele izimpendulo ngokushesha ukuze ikomidi likwazi ukuhlola kahle izimpendulo bese liqhubeka nophenyo lwalo ngalezi zinsolo,” kusho uNomvalo.
