Uncategorised

LIGUJWE NGEGIYA ELIPHEZULU I-AFRICA DAY EKZN

KUSUKELA ngakwesokunxele uNgqongqoshe uMnuz Musa Zondi, uNdunankulu uMnuz Ntuli kanye noNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula.

IZINKUMBI zamalunga omphakathi ngesikhathi kuqhubeka umviliyelo.

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal ehola umviliyelo ngomculo wezinsimbi. IZITHOMBE: SPHA MBHELE

NOMCEBO NGEMA

UTHI kungukuphula umthetho ukusuka ezweni lakho, uyogulukudela kwelinye izwe ungenayo imvumo yokuba kuleli lizwe, uNdunankulu
waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukuphefumule lokhu namuhla, ngesikhathi kugujwa usuku i-Africa Day edolobheni, eThekwini.

Lolu suku luqale ngomviliyelo osuke eKing Dinuzulu Park, obuholwa uNdunankulu uNtuli, uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uMnuz Mntomuhle Khawula, uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo uMnuz Musa Zondi, izintombi, iButho laKwaZulu, izingane zesikole eziqhamuka ezikoleni ezihlukahlukene kanye nabanye abaningi.

UNdunankulu uthi isifundazwe saKwaZulu-Natal sihlanganise abantu abaningi bakwamanye amazwe ase-Africa ukuthi babungaze lolu suku.
“Njengoba singama-Africa kufanele sihlalisane futhi singacwasani, kodwa sibe sigcizelela ukuthi, abantu ekufanele babe kuleli abanezimvume kuphela. Ukuphula umthetho ukusuka ezweni lakho uyogulukudela kwelinye izwe ungenayo imvumo yokuba kulelozwe. Abakulelizwe akufanele baye kwamanye amazwe ngokungemthetho kanjalo nabakwamanye amazwe abavumelekile ukuba kuleli ngokungemthetho,” kusho uNdunankulu uNtuli.

Uqhube wathi zikhona izingxoxo eziqhubekayo njengoba abantu bakulesi fundazwe bezwakalisa ukukhathazeka kwabo ngokugcwala kwabokufika kuleli benganawo amaphepha asemthethweni.
Uthi banezinkulumo abaziqala ngoNhlolanja kulonyaka, lapho bebhunga khona ngamasu okuthi bangahanjiswa kanjani emazweni abo labo abalapha ngokungemthetho. “NgoNhlangulana sizophinde sihlangane futhi sixoxe ukuze sithole isisombululo esisemthethweni. Le nkinga yabokufika ngokungemthetho iyasidinga nathi siwumphakathi ngoba ithina esibaqashisela izindlu bahlale, sibaqashisele izitolo ukuze badayise kuzona. Njengoba betheleka ngobuningi babo bayazi ukuthi sizothatha imali sibanike izindlu ebese siyakhala futhi ngabantu bokufika abalapha abangenawo amaphepha,” kusho uNdunankulu uNtuli.