Uncategorised

UYAKHULA UMKHAKHA WEZOKUVAKASHA ETHEKWINI

ISICHUSE sika-Oliver Tambo.

EZOKUNGCEBELEKA eThekwini. IZITHOMBE:ZITHUNYELWE

AKHONA DLAMINI

UMKHAKHA wezokuvakasha eThekwini uyaqhubeka nokukhombisa ukukhula nakuba usebenza ngaphansi kwezinkinga zezomnotho emhlabeni jikelele.

Lokhu kuvele ngesikhathi kunomhlangano we-Presidential eThekwini Working Group obubanjelwe eMhlanga. Phakathi kukaMasingana noNhlaba kulo nyaka, ezokuvakasha zenze imali ebalelwa ku-R1.8m, zangenisa imali elinganiselwa ku-R14.5 billion. Izivakashi zasemazweni angaphandle ezibalelwa ku-134 900 zisebenzise imali ecela ku-R416.2 million.

Inhloko yeData Analytics South African Tourism, uMelusi Mngomezulu, ithe ezokuvakasha zasekhaya zisahamba phambili, kanti imali esetshenzisiwe inyuke ngamaphesenti angama-38% uma iqhathaniswa no-2024.“Ukusetshenziswa kwemali kwehlile uma sikuqhathanisa nonyaka ka-2025, kodwa futhi uma sikuqhathanisa nonyaka ka-2024 kunyukile ngamaphesenti angama-38, lokho kuveza inqubekela phambili. Izindawo zokudla nezokuhlala izona ezenze kahle kakhulu,” kusho uMngomezulu.

UMqondisi Omkhulu woMnyango WezokuThuthukiswa Komnotho nokuHlela, uLihle Phewa, uthe into esebegxile kuyona ukwenza izinto ezizokwenza izivakashi zikulangazelele ukuza eThekwini.

“Iqiniso elingephikwe ukuthi idolobha iTheku yilona elihamba phambili ngokuba nezivakashi kuleli. Asisagxilile manje ekwandiseni izivakashi, kepha sigxile ekwakheni izinto noma izindawo ezizokwenza izivakashi zihlale isikhathi eside, zisebenzise imali eningi, zibe negalelo emabhizinisini nasemiphakathini yendawo,” kusho uPhewa.