Uncategorised

I-IEC IMEMEZELE IZINSUKU ZOKUBHALISELA UKHETHO

I-IEC imemezele impelasonto yomhla zingama-20-21 kuNhlangulana kulonyaka, njengeyokubhalisela ukuvota. ISITHOMBE: IEC

NOMCEBO NGEMA

IKHOMISHANA yokhetho ezimele kuleli i-Independent Electoral Commission, imemezele izinsuku ezimbili umhla zingama-20 kuya zingama-21 kuNhlangulana kulonyaka, njengezinsuku zokubhalisela ukuvota kukhetho lohulumeni basekhaya.
I-IEC imemezele lezi zinsuku ngoMsombuluko ngesikhathi kunesithangami sabezindaba ukuze abantu bezobhalisa eduze kwezindawo abahlala kuzona.

UMnuz Masego Sheburi oyiPhini likaMqondisi Omkhulu we-IEC, uthi inhloso yalolu hlelo ukwenza kube lula ukuthi abantu babhalisele, ukuze bakwazi ukuvota kukhetho lohulumeni basekhaya.
“Le mpelasonto yokubhalisa ihlose ukukhulisa ukubamba iqhaza kwabavoti, nokuqinisekisa ukuthi abantu abaningi baseNingizimu Afrika bathola ithuba lokusebenzisa ilungelo labo lokuvota,” kusho uMnuz Sheburi.