USEJOYINE ELASE-MOROCCO UDEVIN TITUS

UMENYEZELWE ngokusemthethweni eqenjini laseMorocco uDevin Titus, esuka kwiStellenbosch FC. ISITHOMBE: MAS
MALIBONGWE MAZIBUKO
UDEVIN Titus usevule isahluko esisha emsebenzini wakhe webhola njengoba eseshiye iStellenbosch FC, wajoyina iziqhwaga zaseMorocco, iMaghreb Association Sportive de Fès (MAS).
Lo mdlali wasesiswini oneminyaka engu-26 ubudala ubengomunye wababalulekile kwiStellenbosch FC eminyakeni edlule, kodwa manje usethathe isinqumo sokuphuma endaweni yakhe yokunethezeka ayofuna inselelo entsha eNyakatho ne-Afrika.UTitus usayine inkontileka yeminyaka emithathu neMAS, wabe esethulwa ngokusemthethweni yile kilabhu ngeSonto.
Ukufika kwakhe eMorocco kuza ngesikhathi esibalulekile kuleli qembu elizimisele ukuqinisa isikimu sayo njengoba lilungiselela ukuvikela isicoco seBotola Pro kanye nokuba nomkhankaso omuhle kwiCAF Champions League.UTitus waqala ukugqama enkulisa yeStellies, waze wafika eqenjini leDStv Diski Challenge (DDC) awina nalo isicoco seligi. Wanyuselwa esikimini esikhulu ngo-2021, wadlala imidlalo engu-176, washaya amagoli angu-36, wakha angu-20. Eqenjini elisha, uTitus uzodlala nobengumgadli we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa abeyibamba naye ebolekiswe kwiStellies ngesizini edlule.
