
BASELE DENGWANE IZIKHUKHULA ZIHAMBA NEZINDLU

UMONAKALO odalwe imvula enamandla eTshelimnyama ePinetown ngoLwesihlanu.
IZITHOMBE: ZITHUNYELWE
OWAMI THABETHE
IMVULA enamandla elokhu iqale ngoLwesine, idale umonakalo ezingxenyeni eziseNtshonalanga yeTheku eTshelimnyama, ePinetown ngesikhathi izikhukhula zihamba nezindlu zabantu ezintathakusa ngoLwesihlanu mhla ziyi-18 kuMandulo.
Abahlali abayi-14 bathintekile, kodwa kuqinisekisiwe ukuthi akekho olimele noma oshonile, kanti futhi akekho novaleleke ngaphakathi kulezi zindlu. Amathimba okuhlenga afike ngokushesha endaweni, avikele indawo aphinde asusa udoti ngenhloso yokugwema ukuthi ungaweli kweminye imizi.
Ithimba lezinhlekelele iDisaster Management kuMasipala weTheku lisheshe lafinyelela endaweni yesigameko, ngenhloso yokuhlola umonakalo nokuletha usizo oluphuthumayo kubahlali abathintekile.
Banxuse umphakathi ukuthi uhlale uqaphile, njengoba inhlabathi imanzi kakhulu, lokho okwandisa ingozi yokudilika kwezindonga.
