Uncategorised

KUNGENELELE UMKHWANAZI NO-SHENGE KWEYOBUKHOSI BAKWA-MKHWANAZI

INKOSI Ntokozo Mkhwanazi noNgqongqoshe
uMfu Thulasizwe Buthelezi ohlube udlubu ekhasini mayelana nobukhosi bakwaMkhwanazi

UMKHUZI waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ngesikhathi ebize imbizo eMpukunyoni.

NOMCEBO NGEMA

UMBANGO wobukhosi obubonakala ufufusa eMtubatuba phakathi kwesizwe sakwaMkhwanazi nabakwaNcube, kulandela ukuthi Isilo uMisuzulu kaZwelithini, ebeke uNcube ngeSo lakhe, kuholele ekutheni kungenelele uNgqongqoshe uMfu Thulasizwe Buthelezi noMkhuzi wamaPhoyisa uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, ngenhloso yokulungisa isimo.
Kwimbizo ebizwe nguMkhuzi wamaphoyisa esiFundazweni, uLt. General Nhlanhla Mkhwanazi ebibanjelwe eDukuduku, uNgqongqoshe Buthelezi, uthe akumele kube nombango njengoba uMnuz Ncube owaqokwa yiSilo njengeSo laso ebese ethi uyinkosi.
UNgqongqoshe uButhelezi ufike, wahlukanisa inhloko nesixhanti, ngokuthi akucacise bha ukuthi iyodwa inkosi eMpukunyoni, okungeyakwaMkhwanazi.
“Njengoba silapha simele uhulumeni, uhulumeni osebenza ngemithetho. Ngokubhalwe phansi isizwe sabaKhwanazi sinezigodi ezinga-30. Izigodi esezisuse umsindo uMnuz Ncube athi uyinkosi kuzona iDukuduku, Khulanobathiya neZwelisha zingaphansi kweNkosi Ntokozo Mkhwanazi,” kusho uNgqongqoshe Buthelezi.
Ube esenxusa ukuthi kube nokuthula nokuhlonipha iSilo.
“AbaKhwanazi baziwa ngokuhlonipha futhi ningabaseNdlunkulu nani umlando niyawazi. Kakumele-ke kube nabantu abathuka isihlalo egameni lenu. Akekho futhi umuntu obekwe yiSilo wathi uyinkosi, ngoba lowo oqokwe njengeSo bekumele aqale alinde sona iSilo simtshele umsebenzi wakhe angabe esebamba imihlangano nomphakathi ezibiza ngenkosi,” kusho uShenge.
ULt. Mkwanazi uthi unqume ukubiza iNkosi Sifiso Shinga onguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu noNgqongqoshe Buthelezi ukuba bazochaza ngemithetho elawula ubukhosi. “Esingakufuni njengamaphoyisa udlame nokuyikho okwenze sangenelela ngoba kukhona nabese bevala umgwaqo omkhulu uN2 kuphazamiseka abawusebenzisayo,” kusho yena.