Uncategorised

USHINGA UZIGQAJA NGOKUDALA AMATHUBA EMISEBENZI

UNGQONGQOSHE uNksz Mbali Shinga uzigqaja ngokufika kuMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, adale amathuba emisebenzi.

NOMCEBO NGEMA

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi Kwazulu-Natal uNksz Mbali Shinga , uzishaya isifuba ngokufika kulo mnyango adale amathuba emisebenzi osonhlalakahle.
UNgqongqoshe uShinga ukusho lokhu ngesikhathi kugujwa usuku losonhlalakahle e-Olive Convention Centre, eThekwini namuhla, okuwusuku olugujwa umhlaba wonke, ngenhloso yokuqhakambisa indima eklanywa osonhlalakahle emphakathini.
Uthi ngesikhathi efika kulo mnyango, ufike kunengcindezi enkulu yokushoda kwezikhala zosonhlalakahle.
“Sibe sesivula amathuba emisebenzi, ukuze kubekhona abantu ababheka ukusebenza kosonhlalakahle (supervisor’s). Lokhu kuyasisiza njengomnyango ngoba osonhlalakahle kukhona abantu abasebenza ngaphansi kwabo futhi abababhekile,” kusho uNgqongqoshe uShinga.

Uthi kuyamjabulisa ukuthi ufike wavuselela izinhlelo, ezibhekelela neziqwashisa osonhlalakahle ngempilo yabo uqobo.
“Osonhlalakahle yibona abahlezi bekhathalele abantu kodwa bona benganakekelwa ngengcindezi ababhekana nayo. Bahlala bebuza abantu ukuthi banjani, kodwa akekho obuza bona isimo sempilo.
Umphakathi wona uyakwazi ukubhodla ngokungawaphethe kahle kosonhlalakahle, kodwa osonhlalakahle abekho abantu abakhuluma nabo ngezinkinga ababhekane nazo. Lezi zinhlelo zokuqwashisa zilekelela bona osonhlalakahle ukuze nabo bazizwe bengabantu ababalulekile. Ziyalekelela ukuthi bathole ukwesekwa ngoba siyazi ukuthi kuningi ababhekana nakho njengoba siyisifundazwe sezinhlekelele, ukubulawa kwabantu nokunye okuningi. Kulezo zimo kusuke kungusonhlalakahle osuke ehamba phambili ukululeka ngokwengqondo labo abasuke bethintekile,” kuphetha uNgqongqoshe uShinga.