UQOMISE EMHLANGENI OWASENDLUNKULU

UQOMISE kuMkhosi woMhlanga uMntwana Manzezulu. Esithombeni uMntwana Manzezulu nesigxebe sakhe uNksx Mbali Zondo. Bechonywa uMntwana uNongcebo.
ZETHU PHOSWA
USHAYE ikhanda kwintombi yomhlanga uMntwana Manzezulu kaMntwana uZeblon kwindlu yaKwaMandlakazi.
Le ntokazi ethathe iso lakhe uMbali Zondo (24) wase Crown Gardens eGoli osehambe umhlanga iminyaka eyevile kwelishumi.
Udadewabo kaMntwana uManzezulu, uMntwana uNongcebo, ufike nabakubo kuMkhosi woMhlanga. Batomule le ntombi bayichoma izimpaphe zegwalagwala ezivame ukuthi kuhlobwe ngazo endlunkulu.
“Sizokhetha intombi lana emhlangeni. USkhangane uzoba undlunkulu, ukhethwa uMntwana uManzezulu. Sikwenze lapha ngoba uyintombi yomhlanga. Sizoqhubeka nohambo unyaka wonke aze akhehle, abuye ngonyaka ozayo eseyinkehli esezovalelisa kuBayede” kusho uMntwana uNongcebo egcwele injabulo.
UMaZondo esika elijikayo ngohambo lwakhe uthe kuyamthokozisa ukukhethwa uMntwana uManzezulu.
“Indlela yobuntombi iphela ngezindlela ezehlukile kwintombi ngayinye . Ukuthi ngibonwe uMntwana kuyangijabulisa, ” kubeka intokazi.
Uthi lo mkhosi walo nyaka ube yisibusiso esikhulu kuyena.
“Kube yinhlanhla nesibusiso esikhulu kimi ukunyathela eMashobeni. Ngibe nenhlanhla yokwethula umhlanga eSilweni njengoba nawo umhlanga uze waphela ngenxa yobuningi bezintombi,” kusho uMbali.
Uchaze indlela yomhlanga athe ngeke ibe lula ezintombini uma zingawazi amaphupho azo.
“Kubalulekile ukwazi injongo yakho ekufaka ezintombini. Akufanele ube uthathekile olandela yonke imikhuba efikayo (trends) bese uzikhohlwa ukuthi ungubani ” kubeka uMaZondo eqhuba uthi:
“Ubuntombi bubalulekile empilweni yami futhi kuningi okunye engikwenzayo nengikubhekile ngakho nakuba ngizigqaja ngabo, kodwa kangizikhukhumezi. Kubalulekile futhi ukuthi umuntu angaluhambi olomhlanga ngoba nakhu efuna ukukhethwa indoda. Kakufanele ubuthwale ekhanda kakhulu ubuntombi ngoba mawenza lokho uyogaxeka ogibeni. ”
