Uncategorised

UNYIWE YISIKIMU US’GQEMEZA KU-KHOZI FM

USIPHO Mbatha obeshela uhlelo lwasekuseni kuKhozi FM, okunamahlebezi athi angeke ayivuselele inkontileka yakhe. ISITHOMBE: FACEBOOK

NTOBEKO MZIMELA

AMAPHAPHU aphezulu kubalaleli bemisakazo yakuleli, njengoba kwenziwa izinguquko ezinqala nokulindeleke ukuthi ziqale ngenyanga ezayo, kubonakale edlule noSipho Sgqemeza Mbatha, obesekucacele bengane encane ukuthi sesimnyile isikimu, njengoba engabobakalanga kwikhalenda.
Imisakazo engaphansi kaka-SABC, ihambisana nokuqala konyaka mali omusha njengoba uzoqala ngenyanga ezayo.

Imithombo eminingi eyehlukene ibika ukuthi uSipho Sgqemeza Mbatha, akasabuyi kulo msakazo njengoba kade enza uhlelo lwasekuseni, alwenza noMroza Buthelezi, skucaci kahle ukuthi isikimu simunye kanjani?
Abanye bathe ucele ukuthi khumu, ukuze abhekane nemisebenzi yebandla.
Indawo kaSipho Mbatha izovalwa uVee Mthembu, okumanje wenza uhlelo lwantambama kumsakazo iJozi FM, ezinze eGoli.

Kuvele ukuthi uDudu “Lady D” Khoza ongena phakathi nezinsuku libumbene elesi-9:00 ekuseni kuye ku-12:00 emini bebade, usezoncishiselwa izinsuku zibe ntathu phakathi nesonto. Omunye umsakazo okungacaci ngekusasa lakhe uLucky Nkosi, ongena ngezimpelasonto enze izinhlelo ezahlukene.
UNongcebo McKenzie kuvele ukuthi uzokhuza ibuya kulo msakazo.
Kuthiwa abasakazi
abazinze eGoli nabo babhekwe yisambane, njengoba uBoniswa Moto-Mzebetshana noVictor Molefe, betsheliwe ukuthi akekho ozosebenzela kulesiya sifundazwe, bonke sebezobuya bezosebenzela eThekwini.
Umsakazo Umhlobo Wenene ozinze e-Eastern Cape, nawo usuzimemezele ezawo izinguquko.
Kulindeleke ukuthi izinguquko eziqhamuka kweminye imisakazo yakwa-SABC, zimenyezelwe lingakapheli leli sonto elizoqalwa.