Uncategorised

UNTULI UKHALA NGESIHLUKU KUBULAWA ABAYI-7

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli eduduza amalunga omndeni akwa-Monswamy.

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli kanye nePhini likaNgqongqoshe woMnyango wezaMahlathi, ezokuDoba kanye nezeMvelo uMnuz Naren Singh bekhuluma namalunga omphakathi. IZITHOMBE: ZANDILE SHANGE

NOMCEBO NGEMA

UBABAZA isihluku nokungabi nalo uzwelo, kwabenzi bokubi ababulale ngesihluku amalunga omndeni akwa-Monswamy ayisikhombisa endaweni yaseNewark, ngaphansi kukaMasipala waseMandeni. UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ukusho lokhu izolo, ngesikhathi eyobhonga emswanini kulo mndeni kanye nokuhlanganisa amakhanda ngezinhlelo zomgcwabo. UNdunankulu uthi lokhu akufanele engabe uyenzeka kulesifundazwe.

“Lo mndeni ubulawe abantu abangenabo ubuntu futhi abangenabo onembeza, njengoba kukhona izinsolo ezithi elinye ilunga lomndeni lidlwenguliwe ngaphambi kokuthi libulawe. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi labantu banesihluku esibi. Sihlale silishumayela ivangeli lokuthi abantu baKwaZulu-Natal abayeke ubugebengu ngoba amaphoyisa enza umsebenzi oncomekayo, kuyimanje babanjiwe abasolwa abathathu nakuba oyedwa esagcwele amathafa futhi kuthiwa ubevele efunwa amaphoyisa,” kusho uNdunankulu uNtuli.Uthi njengoba labasolwa bezovela eNkantolo ngoLwesibili mhla zingama-28 kulenyanga, nabo njengoHulumeni wesifundazwe bazobe beyingxenye yokulalelwa kwaleli cala.

“Sifuna ukuthi ekugcineni sibone labantu bethola isigwebo esizobenza babolele ejele, ukuze bengaphinde bahlale emphakathini. Njengoba laba abathathu beboshiwe lokho kuchaza ukuthi amaphoyisa enza kahle kakhulu, futhi ngiyafuna ukuthi abantu bazizwe bephephile. Kuthe uma kwenzeka lesi sigameko izinhlaka zokuphepha zonke zahlangana zaba imbumba, kwaphunywa umkhankaso wokucinga lezigilamkhuba kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje manje, njengoba laba abathathu betholakele,” kuqhuba uNdunankulu uNtuli.

Usho nokuthi benguhulumeni wesifundazwe bezwa ubuhlungu obukhulu, wathi bakhalela umndeni kanye nomphakathi wonke. Amalunga omndeni abulewe kubalwa: owesilisa oneminyaka engama-53 ubudala, owesilisa oneminyaka engama-27, owesilisa oneminyaka engama-51, intombazanyana eneminyaka engama-20, owesifazane oneminyaka engama:57, owesifazane oneminyaka engema-78 nowesifazane oneminyaka engema-83 ubudala.