UKHAWULA UGQUGQUZELE UKUTHI KUXHASWE IZINDAWO ZAMAGUGU NEZOKUVAKASHA E-KZN

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UKUGQOZA kwabantu ukuvakashela izindawo ezingamagugu, ezokuvakasha nezemilando, sekwenze uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnu Mntomuhle Khawula, aphonsele inselelo abantu bakulesi sifundazwe, ukuthi babe yingxenye yokuvakashela lezi zindawo ngenhloso yokuthuthukisa umnotho.
UNgqongqoshe ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni iKZN Cultural and Creative Experience e-King Shaka International Airport eThekwini.
Uthe inhloso ukugqugquzela abantu baseKZN ukuthi bavakashele lezi zindawo zamagugu, nezokuvakasha.
“Kuyaphoxa ukuthi kunezindawo ezinhle ezinomlando namagugu ezaziwa ngabantu baphesheya kwezilwandle, kodwa thina bantu bakulesi sifundazwe asizazi.,” kusho uKhawula.
Uthi lezi zokuvakasha zibuka imigudu yokuvakasha esuka kumfaniso weLembe esesikhumulweni sezindiza njengoba kulapho izivakashi ziqala khona ukubona iKwaZulu-Natal.
Uveze ukuthi imigudu emine okuyi- Zulu Kingdom Experience ekuyisa enyakatho nesifundazwe, ekuxhume nezindawo ezinomlando weLembe njengesigodlo KwaBulawayo naseMakhosini. Umgudu ubizwa ngokuthi iDiverse People, One Origin okuyisa eSibhudu Cave, KwaXolo Cave naseDrakensberg. Kube iResistance and Liberation route efaka iMandela Capture Site, Pietermaritzburg nakumalokishi afana neHammarsdale, Imbali ne-Old Prison. Owokugcina ilowo obizwa nge-Inanda Heritage Route
egcwele umlando wenkolo nethuba lokubona amagquma namathafa akulesifundazwe.
