LIGQABUKILE IGODA KU-SHOTA NO-PHUMEZA

MABUNHLE MLABA
SELIGQABUKILE ifindo lomshado phakathi komculi uMnqobi “Shota” Shoba nomkakhe ongumlingisi uPhumeza abeseshade naye iminyaka engu-11.
Ngokubika kweSunday World uPhumeza ufune ukuphuma emshadweni ngenxa yezinsolo zokuqoywa kukaMnqobi owaduma eqenjini ekwakuthiwa iShana eyayino-DJ Black Coffee. Ngokomthobo waleli phephandaba elidume ngokubika ngamanyundulula osaziwayo, uPhumeza uxoshe uMnqobi endlini yabo ngoJuly, manje umatasa nabameli bakhe ngendaba yokuqedela amaphepha okudivosa.
Kuthiwa uPhumeza, owagqama ngesikhathi elingisa emdlalweni iSokhulu and Partners ku-SABC 1 eminyakeni edlule, kumhlukumezile engqondweni ukujolelwa isoka.
“Ubengaqali ukumjolela kodwa wamxolela. Kulokhu okwesibili uvele wathukuthela kakhulu ingakho ethathe isinqumo sokuthi akuhlukwane,” kusho umthombo.
Uqhube wathi uma kungahlukwana kahle kuzoyiswana enkantolo, uPhumeza uzofuna bahlukaniselane izinto njengezimoto zikanokusho iPorsche neVolvo SUVs, kwasizise bashade umshado ohlanganisa amafa ngonyaka ka-2014.
Uveze ukuthi uthi okunye okuzodingwa uPhumeza ukuthi ondliwe ngemali eyiR45 000 njalo ngenyanga Kanye noR5000 wendodana yabo ekhubazekile njengoba ingaboni kahle emehlweni. Ethintwa iphephandaba ngokuputshuka kwalezi zindaba uPhumeza ucashunwe ethi. “Hhayi bo akulona iqiniso lelo” kanti imizamo yokuthola uMnqobi iphunzile kwazise isikhathi esiningi uvamise ukuphuma eNingizimu Afrika eyonandisa emazweni angaphandle.
