ISIVUSELELIWE INKONTILEKA KAMKHWANAZI

UMKHUZI waMaphoyisa esifundazweni uLt General Nhlanhla Mkhwanazi. ISITHOMBE: KZNOTP
NOMCEBO NGEMA
ISIVUSELELIWE yasayinwa inkontileka kaMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uGen Lt Nhlanhla Mkhwanazi.
Lokhu kuvezwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uthi phansi amaphaphu isivuseleliwe waze wayisana inkontileka kaMkhuzi waMaphoyisa uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, lokhu kulandela ukuthuka okukhulu kubantu ngekusasa lakhe.
Lokhu ukusho njengoba abantu sebethukile, kulandela ukuthi
Kuvele izindaba ezithi, uMkhuzi waMaphoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola uzovela enkantolo ngenyanga ezayo. UNdunankulu uNtuli ukusho lokhu namuhla enkundleni yezemidlalo kwaCaluza, eMgungundlovu ngesikhathi kuneMbizo yokubhunga kabanzi ngamasu okunqanda ubugebengu kule ndawo.
“Isivuseleliwe inkontileka kaLt General Mkhwanazi, usengibhalele eqinisekisa ukuthi isivuseleliwe. Nami sengiyibhalile incwadi ngayithumela kuMkhuzi waMaphoyisa kuzwelonke evumelana nalesinqumo,” kusho uNdunankulu uNtuli.
UGeneral Masemola uzovela enkantolo mhla zingama-21 kuMbasa, mayelana nethenda ka-R360 million yeMedicare24, ebandakanya nosomabhizinisi otoke ejele lase-Kokstard uVusumuzi “Cat” Matlala
