I-ALL STARS IBE IZINGQUNGQULU ZE-KZN UBHUQU KWABESIFAZANE

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula edlulisa indebe kukapteni uZiphelele. Esithombeni
UNgqongqoshe uMntomuhle Khawula, uZiphelele Masangwana, uKwenzakwakhe Ngwenya Chairperson SAFA KZN. ISITHOMBE: SPHA MBHELE
ZETHU PHOSWA
IBE izingqungqulu i-All Stars okuyiqembu lebhola lezinyawo labesifazane ngesikhathi inqoba kumqhudelwano weKZN Ubhuqu Tournament obubanjelwe KwaMsane Stadium kumasipala wase-Inkosi UMtubatuba.
I-All Stars ishikilisene neNewcastle Chess abagcine beyishaya ngo 2-0, kanti ababuzanga elangeni njengoba bephinde bashukana neLindelani Ladies FC, kwangaba khona efuna ukugoba uphondo, njengoba umdlalo uphele ibambene ku 0-0, baze bawezwa amaphoyinti ukuthi bawine.
Ongukapteni aphinde abe unozinti waleli wembu uZiphelele Masangwana, uhluleke nokuzibamba ngomphumela womsebenzi wabo ngemva kokunqoba.
“Umdlalo wethu neLindelani Ladies FC ubungekho lula, kodwa ngokwahlukana kokudlala nezinhliziyo sinqobile. Lo mdlalo ubufuna umuntu onenkani ozinikelayo ngakho konke anakho,” esho.
Ukhuluma nje iqembu labo njengoba linqobile lizoya kumaSasol National Playoffs eGoli.
“Njengoba sesiya kwisigaba esilandelayo kumaNational Play-offs azobe eseGoli ngesonto elilandelayo kuZibandlela, nathi sikholelwa ukuthi sizobuya nayo njengoba sizimisele. Ngiyathemba ukuthi uma sesifika eGoli simele iKZN sizokwenza kahle.”
Lo mqhudelwano iKZN Ubhuqu Tournament ibixhaswe uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula, kanti uzokuba minyaka yonke, inhloso yawo ukuthuthukisa ikhono kubadlali basemakhaya nokubanika ithuba
