LIGADLILE IZEMBE KUMQEQESHI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
SELIPHINDE lagadla izembe komunye umqeqeshi weBetway Premiership njengoba iMagesi FC seyihlukene no-Owen Da Gama. Lolu qweqwe lomqeqeshi udedelwa nje nguye oyihlenge ezembeni kukubi ngesizini efile.
Ujoyine leli qembu laseLimpopo maphakathi nesizini libangwa nezibi ngaphansi kobuholi bukaClinton Larsen, okumangaze abaningi ukubhimba kwezinto yize lalisanda kunqoba isicoco seCarling Black Label.
IMagesi FC yamangaza abaningi ishaya imfivilithi iMamelodi Sundowns.
UDa Gama ulandiwe wanikwa inkontileka yesikhashana kanti bekulindeleke yelulwe ngenxa yomsebenzi omuhle awenzele iqembu.
Lo mqeqeshi waqala ukugqama kwiSilver Stars wadlulela kwiBloemfontein Celtic, i-Orlando Pirates, Highlands Park namanye amaqembu, uveze ukuthi ukungavumelani ngezinye izinkontileka kwinkontileka ebeyibekwe etafuleni ikona okudale bahlukane.
“Babefuna ukunginika inkontileka yamasizini amabili kodwa ngayinqaba ngenxa yokungenami ngokuthile kuyo. Ngimtshelile nomphathi weqembu uSolly Makhubela ukuthi uNkulunkulu uzongikhandela icebo impilo iqhubeke,” kusho uDa Gama. Abaningi bamkhomba kwiDurban City esanda kuhlukana noSimo Dladla oyikhuphulele kwiPremiership kusukwa kwiMotsepe Foundation Championship .
