UBHEKWE NGABOMVU OWE-DESI RAVES 2026

U-ASHAY Sewlall wodumo lwe-Big Brother Mzansi uzobe eyingxenye yomcimbi iDesi Raves 2026 ngempelasonto.

UMCIMBI omkhulu obhekwe ngabomvu ngempelasonto. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
KULINDELEKE inqwaba yosaziwayo bakuleli kwindumezulu yomcimbi iDesi Raves 2026, ezoba ngoMgqibelo mhla ziyi-18 kuMbasa, eHeartfelt Arena ePitoli. Okubhekwe ngabomvu kulomcimbi umdanso iBhangra Dance, okuwuhlobo lomdanso olucishe lufane noludanswa abomdabu baseNdiya.
Kulo mcimbi kulindeleke u-Ashay Sewlall wodumo lwe-Big Brother Mzansi, uDJ Tira, uDJ Kent noDJ Jashmir. Lo mcimbi uzoba nabadansi abayi-5 000 abazobe beholwa uJitesh Ranchod oyi-choreographer, amaqembu okubalwa i-Oriental Fire, iDesi Motion Dancers, iDivya Art of Dance, iDarpan Kathak Dance Group kanye neShamz & the Dhot Guys.“Ngijabule kakhulu ukuthi ngizoba ingxenye yalomcimbi iDesi Raves 2026 neGuinness World Records™. Okungishaya umxhwele kakhulu ukuthi ngizoma esiteji esinenqwaba yabantu abazobe begubha usiko, bebungaza ubumbano, nokubuka umdanso nomculo lokhu kusho lukhulu kumina,” kusho Ashay Sewlall.
Abanye abazonandisa kulomcimbi uDJ Reme (India), uRobot Boii, uDJ Carly O, uDJ Dino Bravo, uDJ Desi Blue, uJust Verge, uDJ Nimal, uDJ Adi B, uDJ Dizzy D, uDJ Manic Thor, uDJ Neal Rain, uDJ Jason 2Ray, kanye no-DJ Aves.Kulo mcimbi amasango azovulwa ngehora le-16:00 ntambama ebese umcimbi uqala ligamenxe elesi-17:30. Amathikithi ayatholakala ngoR250 uGeneral, ebese kuthi iVIP nayo iyatholakala.
