Uncategorised

UMUNYU EQWAQWADA ZONKE IZIKOLE NGOKUHAYA INKONDLO ERICHMOND

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula neMeya yaseRichmond uCllr Mmeli Ngcongo benika u-Amahle umklomelo wakhe.

U-AMAHLE Mbhele ephethe imiklomelo yakhe neyesikole sakhe.

KUSUKELA kwesokunxele uNksz Ntombi Khwebula, uMnuz Sikhumbuzo Ndlovu, uNksz Thobile Dlamini kanye noMnuz Babay Gumede abaqhamuka ehhovisi lakwa-Language Services kuMnyango wezeMidlalo ebebengamajaji. IZITHOMBE: PHUMELELE DLAMINI

NOMCEBO NGEMA

ZEHLE zageleza izinyembezi zenjabulo ku-Amahle Mbhele oneminyaka engama-14 ubudala, owenza uGrade 8 eHuba High School, eRichmond, ngesikhathi edla umhlanganiso eqwaqwada zonke izikole ngokuhaya kahle inkondlo KaBhambatha KamaNcinza.
Lokhu kwenzeke namuhla ngesikhathi uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula, wenze umncintiswano wezinkondlo lapho bekuqhudelana khona izikole zaseRichmond, ngesikhathi kuqhubeka umcimbi wokugubha usuku lwezigcina magugu olugujwa umhlaba wonke ezinkundleni yezemidlalo eNdaleni, eRichmond.

U-Amahle uthi ukudla kwakhe umhlanganiso kuyamkhombisa ukuthi angaba umholi wakusasa, enze okukhulu kakhulu kunalokhu akwenze namuhla ngoba unawo amandla okukwenza.
“Kontanga bami abafisa ukwenza kahle njengami ngelinye ilanga, ngithi abaphoqe benze kuyoze kulunge. Nami kwaqala kancane ngihaya izinkondlo zabantu, ngingakwazi ukubhala eyami ngaze ngafunda ngazibhalela.
Ngaqala kancane esikoleni kwisifundo sesiZulu ngizenzele izihloko ngibhale izinkondlo kwaze kwalunga. Ukuhaya inkondlo kukumina ngaphakathi ngoba noma ngiphatheke kabi kodwa uma ngizohaya inkondlo ngiba umqemane. Ngiyabonga kakhulu kuMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, ngezipho ezinhle ongiphe zona futhi ngiyabathembisa ukuthi ngizoqhubeka ngenze kahle kakhulu angeke ngimuphoxe uNgqongqoshe,” kusho u-Amahle.

Uthi uma eqeda isikoleni ufisa ukuyokwenza izifundo zobudokotela kodwa angeke ayeke ukuhaya izinkondlo. “Eminyakeni emihlanu ezayo ngizibona ngingowesifazane osemusha ovelele kwizinkondlo. Ngiyabonga kakhulu nakubazali bami ngokungeseka ngaso sonke isikhathi ngicela bangapheli amandla baqhubeke,” kuqhuba u-Amahle.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula ezovula umtapo wolwazi eNdaleni, u-Amahle wathatha amehlo abantu abaningi ngenkondlo ayihaya ngoloyo owayenguMengameli wezwe wokuqala uDkt Nelson Mandela.

Kulo mncintiswano olale isithathu uBayanda Ndlela wase-Umthombo High School othole indondo nesitifiketi, olale isibili kwaba uPhilile Mbatha waseMlulama High School wathola indondo nesitifiketi, odle umhlanganiso kwaba u-Amahle othole indondo, isitifiketi, ilaptop kanye nokunye okuningi kwakhe nokwesikole sakhe.

Izikole ebezingenele lo mncintiswano bezingaphezu kweshumi.