KUKHALE IZINHLAMVU ZENJOLOBA EMASHINI YOKUSHONA KWE-WELE KWIKHESHI

IZINKUMBI zabantu abebephume ngobuningi, ukuzokweseka umndeni wakwaDlamini , okushone iwele kwathi elinye lalimala kanzima, engena emgodini wekheshi efulethini. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
KUME-NSE ukuhamba emgwaqeni uField STREET, kulandela ukubhikisha kwezinhlaka nomphakathi waKwaZulu-Natal, othi ufuna ubulungiswa ngokushona kwewele u-Aphelele, kwathi u-Aphile walimala kanzima, ngesikhathi bekhalakathela emgodini wekheshi efulethini baphahlazeka phansi.
Lesi sigameko sithuse abaningi okuze kwaholela ekutheni bahlele imashi, ebheke eCommercial City eThekwini, lapho kukhona amahhovisi eHomii okungabaphathi befulethi.
UMnuz Dlamini uthi amaphoyisa asevele adedela izihlamvu zenjoloba, kwadubuleka nabanye ababhikishi.
“Mina angifuni okuningi, ngifuna ubulungiswa nezingane zami, ukuphenduleka imibuzo enginayo kubaphathi bebhilidi ngokulimala kwamawele ami. Ukuthi amaphoyisa asidubulelani singalwi nami angazi,“ kusho UMnuz Dlamini.
Ababhikishi baveze ukuthi uma besuka eCommercial City, balibhekise eDurban Central kuMsheshi ophethe leli cala.
Abayingxenye kubalwa i- ANC, EFF, March And March, MK , Ayanda Ntanzi, umphakathi nabanye abazibiza ngama- Influencer kuTikTok.


