UNTULI UNXUSA AMADODA UKUTHI AKHULISE KAHLE ABAFANA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ethula inkulumo kwizinkumbi zabantu ebezithamele umcimbi.

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli noNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Mbali Shinga, bepha izaguga izipho. ISITHOMBE: ZANDILE SHANGE
NOMCEBO NGEMA
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, unxusa bonke abantu besilisa ngaphansi koMkhandlu Amajuba, ukuthi bakhulise kahle izingane zabafana, ukuze zikhule zazi ukuthi kuyihlazo ukubeka isandla umuntu wesifazane.
UNtuli ukusho lokhu izolo ngesikhathi ehambisana neKhabhinethi yesifundazwe bevakashele lo Mkhandlu, ngenhloso yokuhlola amaprojekthi entuthuko ukuthi asehambe kangakanani kanye nokulalela izingqinamba ezibhekene nomphakathi (Operation Sukuma Sakhe).
Umcimbi ubuse- Bersig Lsen School ngaphansi kukaMasipala Emadlangeni.
Uthe izingane zabafana kufanele zikhule zazi ukuthi umfana oshaya umuntu wesifazane ungumnqolo ogumbetsheni, ngoba usuke esaba ontanga.
“Lento ifana nokuvele ushaye omunye umuntu engenzanga lutho, lowo muntu usuke ekhombisa ukuthi ukucabanga kwakhe kuncane. Ngiyanicela madoda vikelani abesifazane nezingane. Uma kukhona ukungaboni ngaso linye nesinqandamathe sakho phumela obala ukhulume, usho ukuthi yini ekuphethe kabi kunokuthi ubulale lo wesifazane. Amadoda awakhulumi uma kukhona okuwaphethe kabi, afela ngaphakathi ebese enza izinto okungafanele azenze ngenxa yentukuthelo ekade yakheka ngaphakathi,” kusho uNtuli.
Uqhube wathi bonke abesilisa ababe amanxusa entando enhle elwa nalesihlava esifundazweni.
Uphinde wanxusa wonke umuntu wesilisa ukuthi afike ekhaya ahlale phansi nezingane zabafana, azitshele okanye bazifundise ukuthi uphathwa kanjani umuntu wesifazane, bahlonishwa kanjani futhi kubanjiswana kanjani nabo.
“Nani bantu besifazane ngiyanicela ukuthi nizithobe futhi nizehlise. Indlela enenza ngayo, indlela enikhuluma ngayo kube indlela enesizotha nenhlonipho kubayeni benu ukuze kwakheke uzinzo emakhaya nasemindenini,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.
Amalunga omphakathi anikwe ithuba lokubeka izinkinga obhekene nazo kanye nezincomo kuhulumeni
