
I-ARRC ITHEMBISA UKUNIKA INTSHA IZWI KWEZOMBUSAZWE

AMALUNGU eqembu lepolitiki I-ARRC.

AMALUNGU eqembu lepolitiki I-ARRC. IZITHOMBE: ARRC
AKHONA DLAMINI
IQEMBU elisha lezombusazwe, i-African Royal Rainbow Congress (ARRC), selingenele umncintiswano wezombusazwe eNingizimu Afrika.
UDkt Thabiso Mabetwa ongumsunguli waleli qembu lepolitiki, uthe le nhlangano, isungulwe ngonyaka odlule, ngenhloso yokuletha indlela entsha kwezombusazwe egxile ekusebenzeni, ukubhekelela izidingo zomphakathi nasekuthuthukiseni intsha.
“I-ARRC izobeka izinto eziyi-5 ezibalulekile ezweni, okubalwa kuzo ukudalwa kwamathuba emisebenzi nokukhula komnotho, ukwenza omasipala basebenze ngendlela, ukuphepha kwemiphakathi, ukuthuthukiswa kwamakhono entsha nohulumeni othembekile nozophendula,” kubeka uMabetwa .
UMabetwa uqhube wathi intsha akumele ibhekwe njengabantu abavotayo kuphela, kodwa kufanele ibe yingxenye yokuthathwa kwezinqumo nokuphathwa kwezwe.
