UNOZINTI WEPIRATES UQOPHE UMLANDO OMUSHA EQENJINI

USIPHO Chaine usephule irekhodi lokungangenelwa igoli imidlalo eyi-18 eqenjini le-Orlando Pirates.
ISITHOMBE: Cape Argus
MALIBONGWE MAZIBUKO
I-ORLANDO Pirates iqhubekile nokubeka ingcindezi enkulu embangweni wesicoco seBetway Premiership ngemuva kokunqoba ngo 2-0 ibhekene neStellenbosch FC eCape Town.
Lo mdlalo ubuye waletha umlando omusha kunozinti wePirates, uSipho Chaine, ngemuva kokungangenelwa amagoli amahlandla ayishumi nesishiyagalombili kule sizini ka-2025/26. Lokhu kumenze wedlula irekhodi ebeliphethwe isikhathi eside nguMoeneeb Josephs njengonozinti oseke wagcina ukungangenelwa amagoli amaningi ngesizini eyodwa yePSL.
Ukunqoba kwalolu suku kusho ukuthi iPirates isifinyelele kumaphuzu angama 62, sekusele imidlalo emithathu kuphela ngaphambi kokusongwa kwesizini.
IPirates manje isisele ngamaphuzu amabili amathathu ngemuva kweMamelodi Sundowns, okuyenza impi yesicoco iqhubeke nokushuba njengoba kusondela ukuphela kwesizini.
Amehlo manje azobheka umdlalo wangeSonto mhlaka – 09 kuNhlaba, lapho iPirates izobhekana neMagesi FC, iqembu elisazama ngamandla ukubalekela ukugawulwa izembe.
Ngomfutho wokunqoba kanye nerekhodi elisha likaChaine, iPirates izobe ifuna ukuqhubeka nokunqoba ukuze iqhubeke nokufaka ingcindezi kwiSundowns embangweni wesicoco.
