Uncategorised

UNGEMA UQOKELWE KWESOKUHOLA I-DA E-KZN

USTHEMBISO Ngema uqokelwe esikhundleni esiphezulu kwi-DA KwaZulu-Natal.

UBUHOLI obusha be-DA obuqokiwe obuholwa uSithembiso Ngema. IZITHOMBE: KZNDA

NOMCEBO NGEMA

ALOKHU engene njalo amazwi okuhalalisela uSithembiso Ngema obeyiKhansela leDemocratic Alliance (DA), eLamontville eThekwini, kulandela ukuqokwa njengoMholi we-DA KwaZulu-Natal, ngoMgqibelo, e-Olive Convention Centre eThekwini.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi kunengqungquthela yalo leli qembu yokukhetha ubuholi obusha esifundazweni. UNgema uthi wajoyina leli qembu ngonyaka ka-2006 ngaphansi koMkhandlu iLembe, kodwa uthi umuntu owamnika umhlahlandlela futhi wamcathulisa kukho konke, uMnuz Jonh Steenhuisen osenguNgqongqoshe woMnyango wezoLimo kuzwelonke. “UMnuz Steenhuisen ngaya ehhovisini lakhe eThekwini esengumholi wekhokhasi, ngajoyina iDA eStanger. Ngakhula ngaba isishoshovu seDA, kwathi ngonyaka ka-2011 ngaba ikhansela eLamontville, uMlazi nengxenye yeChatsworth. Ngonyaka ka-2013/2014 ngaqokwa ngaba usihlalo weConstituency. Njengoba ukhetho lohulumeni basekhaya lusemome, anginalo uvalo ngoba ngizohamba ezinyathelweni zoMholi engingene ezicathulweni zakhe uMnuz Rodgers, okuningi ngiyakwazi ngoba bengikhona ehhovisini lakhe, ngikubonile okuningi abekwenza , futhi nezinye izinqumo ebezithatha bengiyingxenye yazo, sizoqhubeka sisebenze ngokubambisana naye ngoba ukhona eqenjini akaphumile,” kuchaza uNgema.

Uqhube wathi uzohola lesi sifundazwe ngendlela ehlukile. “Ngizohola lesi sifundazwe ngendlela ehlukile, ngizoba umholi olalelayo, ohlale ekhona emehlweni abantu futhi ubuholi bami buzosebenzisana ngazo zonke izindlela nabantu baKwaZulu-Natal. Ngiyabonga kakhulu ukungethemba, ukungeseka kanye nokukholelwa kimina,” kuphetha uNgema.

Ubuholi obuholwa uNgema KwaZulu-Natal:

IPhini loMholi: uMartin Meyer

USihlalo wesifundazwe: uDean MacPherson

IPhini likaSihlalo:

Elokuqala: Sandile Mnikathi

Elesibili: Sakhile Mngadi

Elesithathu: Swelakhe Shelembe