UNGIZWE UBONGA UMNDENI WAKWA-ZUMA NGOKUMESEKA

UJACINTA Ngobese-Zuma noFloda Mthimkhulu onguNkosikazi kaNgizwe.

UNGIZWE Mchunu ebonga umndeni wakwaZuma ngokubeseka. IZITHOMBE: NHLAKA PRODUCTION
NOMCEBO NGEMA
UMHOLI nomsunguli we-March And March uJacinta Ngobese-Zuma nomyeni wakhe uMnuz Xolani Zuma, bavakashele uNgizwe Mchunu izolo emzini wakhe owangqongqiswa ngomlilo ngeSonto ntambama, eMadundube eMbumbulu.
UNgizwe ubonge kakhulu umndeni wakwaZuma ngokumeseka kulesikhathi esinzima abhekene naso. “Ngiyabonga kakhulu ukuthi nifike Nxamalala nizohlanganisa amehlo kanye nathi. Lento ifana nokubulawa kwezingane zakho, kubulawe imfuyo yakho phambi kwakho ebese abenzi bokubi bebheka indlela ozokwenza ngayo okanye ozoziphindisela ngayo. Kuhle ukuthula ungaphindiseli lutho ikakhulukazi uma ungumholi, ngoba uma uke waphindisela kuzobe uqhatha umphakathi. Lento esiyimele sinodadewethu uJacinta nomfowethu uPhakelumthakathi inkulu kakhulu futhi ijulile,” kusho uNgizwe.
Uphinde wakugcizelela ukuthi angeke asho ukuthi lesi senzo sihlobene nabokufika kuleli ngokumthetho, nguyena okufanele azinuke amakhwapha njengomuntu wedlozi aphume aqalaze.
UJacinta akafikanga elambatha elambatha nomyeni wakhe, bebephethe umngenandlini, amabhodwe kanye nokunye okuningi njengoba kwasha yonke into eyayisezindlini.
Abanye abafikile bezohlanganisa amehlo iNkosi Nathi Maphumulo yaseMbumbulu okuyiyona eyabeka uNgizwe, umama kaNgizwe, umama kaNkosikazi kaNgizwe uFloda Mthimkhulu, uMholi we-ActionSA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango, i-ANC kanye nabanye abaningi.
