Uncategorised

UMASIPALA WABAQULUSI WAZISA UMPHAKATHI NGOKUPHAZAMISEKA KUKAGESI

UMASIPALA waBaQulusi unxusa izakhamuzi ukuthi zibhoncule zonke izinto ezixhunywa kugesi. ISITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

UYALUNGISWA ugesi ophazanyiswe ukuntshontshwa kwekhebuli yekhopha edolobheni eVryheid, naseLakeside namuhla. Ngokusho kukaMasipala uthe isigameko sokuqala senzeke emgwaqeni uBirch Street, eLakeside lapho kusikwe khona isigxobo sikagesi kwebiwa namakhebuli. Isigameko sesibili senzeke ekhoneni lomgwaqo uPark Street noCommission Street, nakhona kuntshontshwe amakhebuli.

“Ithimba lethu lisendaweni lapho kwenzeke khona umonakalo lizama ukubuyisela isimo kwesejwayelekile,” ngokusho kwesitatimende. Uthe izindawo eziphazamisekile kubalwa, uCommission Street, uSmall Street, u-Utrecht Street, uHlobane Street, u-Emmett Street, uPark Street nezindawo ezisondele kulemigwaqo.“Ithimba lochwepheshe lithe lo monakalo kungenzeka ulunge ngemuva kwamahora ayi-6 kuya phezulu, kodwa kuzoba sekutheni umonakalo mkhulu kangakanani. Sicela izakhamuzi zibhoncule zonke izinto ezixhunywa kugesi ukuze mawubuya ngamandla kungalimali lutho. Siyaxolisa kakhulu ngokuphazamiseka okwenzekile,” ngokwesitatimende.