Uncategorised

SIKHUPHUKILE ISIBALO SOKUDLWENGULWA KWEZINGANE NGOTHISHA EZIKOLENI

IMASHI yecala likaCwecwe okusolakala ukuthi wahlukunyezwa uthisha esikole. ISITHOMBE: Facebook

NOMCEBO NGEMA


KUGXEKWA Iziphathimandla ngokwehluleka ukubhekana namacala okudlwengulwa kwezingane enzeka ezikoleni.
Lokhu kuvezwe izikhulu zezemfundo nezishoshovu zodlame olubhekiswe kwizingane nabesifazane, kulandela izibalo zakamumva ezikhishwe i-Education Labour Relations Council (ELRC), eziveza othisha abangu-176 abatholwa benamacala okungaziphathi kahle ngokocansi phakathi konyaka ka-2021 kuya ku-2025.
UMnuz Hendrick Makaneta oyisishoshovu sezemfundo, unxusa abomthetho ukuthi basukumele phezulu amacala okudlwengulwa kwezingane, waphinda wanxuse abazali ukuthi bangavumi ukugwazelwa ngabenzi bobubi.
Kuvele ukuthi emacaleni ayi-211 abikiwe, othisha abangama-35 badedelwa, amanye awakaxazululwa.
UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo kuzwelonke , uNksz Siviwe Gwarube, uvumile ukuthi izinhlelo ebezikhona ziyehluleka, wathi izinyathelo sezithathiwe.
Bagcizelele ukuthi izikole kufanele zihlale ziyizindawo ephephile, kungabi isizinda lapho kuhlukunyezwa khona izingane kanye nabesifazane.