AKHATHAZEKILE AMAPHOYISA NGE-VIDEO YABESIFAZANE BEKHOMBANA NGEZIBHAMU

ABESIFAZANE ebebedlala ngezibhamu bekhombana ngazo endlini. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
ABAKWA-SOUTH African Police Services (SAPS) bathi bakhathazekile nge-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana, lapho kubonakala abesifazane behlohla izibhamu bedlala endlini.
Abakwasidlodlo bathi ukuphathwa budedengu kwezibhamu, ukusetshenziswa kabi kwazo kubeka engcupheni impilo yabantu abasuke beziphethe kanjalo nomphakathi.
“Izibhamu akuwona amathoyizi, akufanele ziphathwe budedengu, akufanele zikhishwe ngendlela engafanele futhi zisetshenziselwe ukuzijabulisa noma ukwenza ama-video ezinkundleni zokuxhumana. Sicela umphakathi ukuthi ubike noma yikuphi ukuphathwa ngokungemthetho kwezibhamu, ukusetshenziswa kabi noma ukuphathwa ngendlela eyingozi esiteshini samaphoyisa esiseduze noma ngokushayela iCrime Stop ku-08600 10111,” kusho amaphoyisa kwisitatimende.
