
UTALABHE KWASANI EKHIPHA INONI ELISHA UGOVOZILE

UGOVOZILE okhiphe ingoma yomtalabho. ISITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
KUSUKE ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana, ngemuva kokuthi umculi kaMasikandi uGovozile ekhiphe ingoma esihloko sithi: “Icala Lobunsizwa”, edlala imizuzu eyi-17.
Kule ngoma uGovozile utalabhe cishe bonke abaculi baMasikandi, abanye ebabiza ngezici zabo.
Uphinde wabala nabaholi beMarch and March uPhakelumthakathi noNgizwe ethi kubo: “Imina, uPhakelumthakathi noNgizwe singabaphathi besihogo ngingamkhohlwa noMthandeni,” esho engomeni.
Omunye umculi kaMaskandi leli phephandaba elikhulume naye ngasese. ocele ukungavezwa, uthe yena akamesabi uGovozile ngomtalabho kodwa uyamhlonipha ngokushaya umtalabho oneNkosi phakathi.
Uthi selokhu amazi uGovozile uyawudedela umtalabho kodwa owakhe awunayo inhlabathi futhi uyathandeka.
“Emculweni kaMasikandi uyafuneka umtalabho ongahlambalazi onjengokaGovozile ngoba ungumdlalo wezinsizwa,” kusho lo mculi.
Kwabatalajiwe akekho osaphendulile esidlangalaleni ngengoma kaGovozile bonke bazikhotha amanxeba emakhosombeni.
